
Usisi kaBabes Wodumo ubalisa ngovobe abazalela abantwana
Udadewabo womculi u-Babes Wodumo, uNondumiso Simelane, useveze obala ubunzima abhekene nabo ekukhuliseni nasekufundiseni izingane zakhe ngaphandle koyise bazo.
UNondumiso ukhulume ngokukhathazeka kwakhe ezinkundleni zokuxhumana.
Uveze ukuthi usele yedwa nomthwalo wezindleko zezingane, okubalwa kuzo imali yesikole, izingubo, imali yokudla, uhambo lwesikole nezinye izidingo.
“Ngisazibuza ukuthi ingabe yini eyenza bangazinakekeli izingane zabo.
“Akekho noyedwa ozama ukusiza; lo mthwalo ususinda kakhulu kimi,” kubhala uNondumiso.
Uveze ukuthi uthwala yedwa izindleko zemfundo yezingane zakhe, wabe esebabiza ngamagama noyise bazo athe bayimquba nje engasizi ngalutho.
“Angizange ngibe ngedwa ngesikhathi ngizenza, ngenxa kaNkulunkulu,” kusho yena.
UNondumiso – oyimenenja ka-Babes Wodumo – uphinde waveza ubunzima bakhe bezezimali, ethi: “Ngihlezi esihlalweni sabakhubazekile ngokwezimali, okudlula la yi-ICU.”
- OLUNYE UDABA: Yazi konke ngomshado wesintu
Ugcine ngokuthi lo mthwalo umqede amandla ngokwengqondo, emoyeni, emzimbeni nasezimalini.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
