AbaculiIzindaba

Ubuhle beJongo useyabubona ubuhle bokubekezela emculweni 

Umculi kamskanda osezakhele ugazi emphakathini, ngokucula kahle ezingomeni zakhe, Ubuhle beJongo useveze ukuthi wakhula ebukela kwinkakha uMgqumeni. 

Igama lakhe langempela nguXolani Khumalo, kanti ube nengxoxo ekhethekile nalesisizindalwazi, la esixoxele khona ngokukhula kwakhe nomlando wakhe kumaskanda.

“Mina ekukhuleni kwami bengithanda umculo kaMgqumeni osadlula emhlabeni kodwa ngeke ngizifanise naye,” kusho Ubuhle beJongo. 

“Ngokuzalwa ngingowudabuka Olundi eMahlabathi esigodini saseNkonjeni. Ngiqale ukucula ngo-2017 ngahamba ngayodlala eMaqhinga, eMkhazini ngadla umhlanganiso owawubekiwe.”

Ukusuka lapho ube eseqopha izingoma zakhe kanti waqala ngecwecwe elalisihloko sithi Ikhono lami ngo-2021.

“Ngalendelisa ngelinye icwecwe elisihloko sithi Ushaka Zulu, equkethe izingoma eziwu-14 ngo-2022.

“Kulo nyaka ka-2025 ngikhiphe ulozolo lwecwecwe, elisihloko sithi Njengomthakathi elinezingoma eziwu-12.”

Uqopha eMashingeni Records. Usebenzisana noSgabe Khoza noSomnyama abalekelela ngamaphimbo (backing vocal) ezingomeni zakhe.

“Isiginci sidlalwa uJikelele (lead) noMlabalaba Khumalo (bass) nakuphiyano. Kwinkosistina ngibophele Umuthi Wezintombi,” kuqhuba yena.

“Kuleli cwecwe baningi asebekhombise uthando, nokungiseka ngoba nasezinkundleni zokuxhumana lihamba kahle.” 

Esephetha uthi ziningi izindawo aseke wanandisa kuzo okubalwa iSomnandi Festival, kanye naminye imicimbi. 

Ululeka nabanye abafisa ukungena emculweni ukuthi kumele babekezele, bengalilahli ithemba ngoba yonke into inesikhathi sayo.