Ezintsha

USine Mkhize usebenzisa ezokuvakasha ukwelapha abantu

Umsunguli weSNE Travels, u-Sine Mkhize, uthi umsebenzi wakhe awugcini ngokuhambisa abantu ezindaweni ezinhle kuphela, kodwa uhlose nokubasiza baphole ezinhlungwini zempilo.

Le nkampani yasungulwa ngo-2016 iqala ngokuhlela uhambo lwezikebhe eRichards Bay Harbour. 

Kusukela lapho, isikhule yaba enye yezinkampani zezokuvakasha ezihlonishwayo KwaZulu-Natal.

Ngo-2022, uSine waqala ukusebenzisana namahhotela nezindawo eziheha izivakashi ukuze akhe amaphakheji okuvakasha aseRichards Bay. 

Namuhla iSNE Travels ihlela uhambo oluya ezifundazweni ezahlukene, okuhlanganisa neQuad Bike, amaBoat Cruise, nohambo lwezinsuku eziningi.

Lo somabhizinisi useke waqokelwa umklomelo iSebenza Women’s Award, waphinde wamela inkampani yakhe ePhalaphala Royal Heritage Festival eLimpopo.

U-Sine Mkhize uthi abantu abaningi babhukha amaholidi ngoba befuna ukuphumula ezingcindezini zempilo.

“Abantu badlula ezintweni eziningi ezibuhlungu. Kwesinye isikhathi baya eholidini ngenxa yezinto ababhekene nazo. 

“Inhloso yami ukuthi kungabikho umuntu othwala ubuhlungu bakhe yedwa,” kusho uMaMkhize.

Uthi imvelo inamandla okushintsha indlela umuntu azizwa ngayo.

“Umoya omusha uyaphilisa. Yingakho sibayisa eMpumalanga, eLimpopo, KwaZulu-Natal naseNorth West. 

“Lezi zindawo zemvelo zenza umuntu azizwe engcono futhi aqale kabusha,” kuqhuba yena.

Ngo-2026, iSNE Travels izoqala nokuhlela uhambo lweMSC Cruises oluya eMozambique naseCape Town, nohambo oluya eLimpopo. 

Le nkampani izophinde yandise umsebenzi wayo eGauteng ngokusebenzisana neTravelNarine yaseGoli, lapho izohlela khona uhambo oluya eSoweto.

OLUNYE UDABA: Owayeyi‘sancinza’ seSilo usisola ‘ngodlame’ 

Ebungaza iNyanga yabesiFazane, uSine unxuse amantombazane nabesifazane abancane ukuthi bangesabi ukuqala amabhizinisi abo.

“Iphupho lami laqala lilincane, kodwa angizange ngiliphele amandla. Ngifuna ukutshela wonke umuntu wesifazane ukuthi aqale ngalokho anakho. 

“Abesifazane mabasekane ngoba impumelelo yomunye iyimpumelelo yethu sonke,” kuphetha u-Sine MKhize.

EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp