
Izakhele ugazi ngentengo JMC iVigus
Yize bengikulangazelele ukushaya ukhiye zisuka nje amadaka emuva kokuba isithathwe yabekwa egcekeni ekhaya, kepha bekunento ethi amaphaphu phansi.
Beyithi ake uzinike isikhashana ufunde ngale moto ngoba kuningi abantu abazofuna ukukwazi ngayo.
Ngicabange kaningi kuthi angiyishaye izule, noma ngithi pheqe pheqe ngayo emabhukwini kuqala.
Umcabango ogcine ungibusile ngothi khohlwa ukhiye ufunde kabanzi ngale ngqovungqovu ngoba kungaba yihlazo lapho usuhluleka ukuphendula imibuzo yabantu ekubeni uhamba ngayo.
Ngesikhathi yethulwa ngokusemthethweni ezinyangeni ezintathu ezedlule iSikhulu esinguMqondisi senkampaniu esabalalisa lezimoto ezweni iSalvador Caetano South Africa uLeslie Ramsoomar wathi abethuli nje imoto entsha kepha bathi luyeza luyanyelela bathumela umyalezo ngezinhlelo abanazo nokusazokwenzeka.
“Lena yindlela esobala esikhombisa ngayo ukuphokophela phambili, ukuqhamuka nezinto ezintsha nokucabanga ngekusasa.”
Ngaleyo ndlela iJMC South Africa yabe seyiyibeke ezithebeni osekusele ukuhlaba udle.
Umlando omfushane ngeJMC
Lena inkampani yaseShayina enomlando omude ekukhiqizeni izimoto eyaziwa ngeJiangling Motors Corporation (JMC) esineminyaka eyevile ku 25.
Lapha eNingizimu Afrika lezimoto zisabalaliswa inkampani iSalvador Caetano Auto South Africa.
Sikuthatha sikubeke ngeVigus
Into yokuqala engihlangabezane nayo ngesikhathi ngiqala ukuhamba ngeJMC Vigus ukuthi ibiza malini.
Ngokujwayelekile kuyaye kube kuhle ukuvala inkulumo ngentengo njengengxenye yokwehlisa amaphaphu.
Kepha kulokhu kuyaphoqa ukuthi sikusho ukuthi iVigus eshintshwayo ibiza kusuka kuR399 900, i4x2 eshintshwayo ibiza R459 900 bese kuba ethe thuthu ngezinga eyi 4×4 eshintshwayo ebiza R499 900.
Lokho nje kukodwa kwenza usale ubambe ungezansi. Ukuphakama kwayo kungu 1 834mm, ukululeka kungu 5 335.
Akubuzwa ukuthi ukungenisa kweJMC ngeVigus kuwafakile amanzi emadolweni kulaba abahamba phambili emkhakheni wamaveni njengeToyota edume ngeHilux, iFord egabise ngeRanger, Isuzu.
Okuzobadlisela kakhulu ogageni intengo nezinto eziphuma nayo.
Ukugoloza kusuka ngaphambili kwigrille umbhalo ogqamile weJMC kuze kuyoshaya ngemuva kukodwa kuxoxa indaba.
Enye yezinto engiziqaphelayo engiyithatha njengemqoka emavenini isikhenke.
KwiVigus isikhenke sifishanyana singu 1 475mm uma usiqhathanisa neseHilux neFord Ranger.
Ezihlalweni zangemuva isikhala singu 822mm abantu abathathu bahlala ngokukhululeka.
Injini
Ihlukene ngezinhlobo ezintathu, sithole ithuba lokuvivinya iJMC Vigus 4×2 Automatic ebiza R459 900.
Iphuma nenjini engu 2.5 litre turbo-dieselekhiqiza amandla afinyelelaku 123Kw itorque engu 430Nm.
Ifike ngesikhathi esikahle amabombo ebheke phesheya kothukela.
Uma igcwele mpu iyakunika ibanga elingamakhilomitha angu 720.
Singena nje kuthelawayeka uN2 ngiqaphelile ukuthi iyashesha ukuwashintsha amagiya okwenza ikwazi ukonga uphethroli ebangeni elide.
Emgwaqeni ovulekile iyashibilika. Ugearbox odonsa ngamagiya angui 8 ozishintshayo wenza ungaluzweli kakhulu uhambo.
Indaba iqale ngesikhathi ngiyifaka emgwaqeni owubhuqu nesihlabathi ezindaweni ezakhjele koSomkhele eMtubatuba.
Ngiyavuma impela bengihamba nge 4×2 kepha ingangamela engangayo bengingalindele ukuthi ingazabalaza kuze kufike lapho kumele ngigudle ngasotshanini ngigwema isihlabathi.
Asethembe ukuthi ngokuzayo sizothola ithuba lokuvivinya i4x4.
Uma ngikhuluma iqiniso njengomuntu efa akusoka lingenasici, kukhona lapho ikhalisa khona iVigus.
Emgwaqeni onezikhinsi nezisele cishe uzwa wonke umsindo wokukhala kwezinsimbi noma uzodlula phezu kwehampu ngesivinini esiphezulu.
Ukuhaza komsindo oqhamuka ngaphandle ngenye yezinto ezingabekezelelekile kuleli veni.
Ingaphakathi
Akulula ukubona ukuthi iveni uma uzoyithi nhla ngaphakathi ngoba yilapho igiya belenyuse kakhulu kwaJMC.
Njengomuntu osejwayele ukuhamba ngezimoto eziqhamuka iShayina angizange ngethuke kakhulu, kepha izinsizwa zami namanje azikakholwa ukuthi ngempela yiveni iVigus.
Ngaphambili kune screen esingu 12.8 inch touchscreen esihambisana ne AppleCarPlay ne-Android Auto.
Kuphinde kube i9 inch instrumental cluster, ityre pressure monitoring system.
Ungalindeli ukuthi uzothola isikhumba ngaphakathi ngoba iyiplastiki kudashboard nasezinhlangothini.
Nezihlalo zayo akuzona ezesikhumba. Izihlalo ezendwangu ziqhamuka enkampanini iLeasr Corporation.
Iphansi layo ngemuva nangaphambili liqale landlalelwa umata, ngaphezulu kukhona omata bakakhaphethi.
Ngikuthole kulula ukuyiwasha sakuyikorobha ngenxa yopmata wena owabona kuwashwaq itekisi erenki.
Uma uzobheka intengo yayo angeke wakhala kakhulu ngoplatiki ngaphambili.
Ukusonga neWarraty
Ungalindeli lukhulu evenini elibiza ngaphansi kwegxenye yesigidi R500 000 yize kwaJMC bekwenze konke ukubhekana nezidingo zabantu baseNingizimu Afrika abafuna imoto enkulu ezobhekana nezidingo zansukuzonke.
Ukuphakama kwayo okungu 210mm kuyakhalisa uma uzoya ngokuthi iveni bese ulifaka nasezindaweni okungayi olubuyayo kuzo.
Okuhle ukuthi iVigus kungaba imoto ongayisebenzisela izidingo ezihlukene, ungayigqokela uthayi, ungayiswenkela ngejini uphinde uyifakele ungiyasebenza.
Iphuma ne warranty yeminyaka emihlanu okanye ibanga lika 200 000km kanye ne service plan yeminyaka emine okanye ibanga lika 65 000km.
| UHLOBO | INTENGO |
| JMC Vigus 2.5TD DC 4×2 6MT | R399 900 |
| JMC Vigus 2.5TD DC 4×2 8AT | R459 900 |
| JMC Vigus 2.5TD DC 4×4 8AT | R499 900 |
