Umlando uMthandeni Manqele eshaya isigidi ngosuku
Sakhile Kweyama
Ingoma entsha kaMthandeni Manqele ayishaya noMaWhoo, ethi “Gucci” iqophe umlando ngokubukwa yisigidi sabantu ngosuku lwayo lokuqala ikhishiwe.
Le ngoma eshisa izikhotha iphume ngoLwesihlanu, kwathi kusa ngakusasa kwasa isibukwe yisigidi sabantu kuYouTube.
“Osukwini olulodwa, waqopheka umlando. Siyabonga Ningizimu Afrika, ngifikelwa yizinyembezi angazi ngithini,” kusho uMthandeni Manqele kuFacebook.
Abalandeli abaningi bayithokozele kakhulu le ngoma, abanye bathi inkulu ukudlula iParis le yangonyaka odlulileyo.
“Inkulu kuneParis le ngoma entsha,” kusho ithwasa lekhansela kuFacebook. Ubeseqhubeka ethi zimnandi lezi zingoma, wambongela uMthandeni Manqele usebenzile kakhulu ndoda.
Abalandeli bakaMthandeni, ababizwa ngeRed Nation, bathokozile kakhulu ngale ngoma.
Abanye athi inodumo olufanayo neParis, abanye bathi le ngoma sizongena ngayo onyakeni ozayo.
“Le ngoma kumnyama kubomvu singena ngayo onyakeni ka-2025,” kusho uLindokuhle umlandeli kaMthandeni enkundleni yokuxhumana kuTik Tok.
Nabanye abaculi okubalwa kubo uBig Zulu, uyihalalisele le ngoma kaMthandeni ngomlando oyenzile, waphinde wabongela noMthandeni.
“Angithathe nali ithuba ngibongele le ndoda uMthandeni noMaskandi nje kuyinto enhle kakhulu ukubona umculi ekhuphuka nomculo kaMaskandi.
“Ukukhuphuka ngale ndlela yinto enkulu kakhulu,” kusho u Big Zulu kuFacebook.
Ube eseqhubeka ethi kusho kona ukuthi uMaskandi uya kude waphinde wabonga nakuNomcebo noMawhoo ngokusebenzisana noMthandeni.
Ngawo uLwesihlanu akhiphe ngawo ingoma “iGucci” waphinda wakhipha noNomcebo Zikode ethi Ishephisi ejezini. Nayo isibheke esigidini.
Kepha ingoma esematheni neyintandokazi kakhulu kubalandeli yile ethi “Gucci” esangaqhubeka iqophe umlando ngoba isanosuku olulodwa iphumile.