Umphakathi waseNtshongweni ubungaze usuku lwamaGugu
By Sakhile Kweyama
Njengoba kuyinyanga kaMandulo, inyanga okubungazwa ngayo amasiko namagugu esizwe, umhla ka-24 kuMandulo ube wusuku olukhulu.
Emphakathini waseNtshongweni lolu suku bekuwusuku olukhulu kubo ngoba libakhumbuza usiko nemvelaphi yabo njengabantu abamnyama.
Iningi labantu liwubungaze ngokudla ukudla kwesintu esingabala kukho ujeqe, idombolo nobhontshisi.
Abanye balubungaze ngokugqoka imvunulo yabo usuku lonke.
Kepha umcimbi omkhulu obubanjelwe enkundleni yezemidlalo ilapho khona umphakathi uphume ngobuningi.
Kulo mcimbi bekudlalwa imidlalo yesintu esingabala kuyo umdlalo wenduku ezinsizweni namagidangoma eshaya ingoma nokunye nokunye.
USbusiso Maphumulo (22) omunye wabantu abekade bekulomcimbi uchaza kabanzi ukuthi lolusuku lusho ukuthini kuye njengomzulu nokuthi ulibungaze kanjani.
“Usuku lwamaGugu luwusuku oluhle kakhulu kumina njengomuntu owumzulu.
“Lolu suku kumina liyangikhumbuza ukuthi ngabe imvelaphi yami isuka kuphi, ngabe ngiwumzuli kanjani.
“Njalo ngale nyanga ngibuyela emumva ngibuke imvelaphi yami nendabuko yami ukuthi ngabe ngisahambakahle yini.
“Ngakho ke lolu suku luwusuku oluhle kakhulu,” kusho uMaphumulo.
Ubeseqhubeka wachaza ukuthi udle ukudla kwesizulu kuphela ukubungaza lolu suku.
Uthi ekuseni uvuke ngamadumbe, wabe esedla namadombolo wase waluvala ngojeqe nobhontshisi.
Abanye bachaze ukubangaza lolu suku ngokuthi empeleni lolu suku kumele engabe thina abantu abamnyama sihlezi silugubha, singakhohlwa amasiko nemvelaphi yethu.
“Empeleni lezinto ebesizenza siwumphakathi waseNtshongweni namhlanje izinto ekumele sizenze njalo singuZulu.
“Lolu suku yiShaka’s Day futhi luyisikhumbuzo ngezinto okumele ngabe sihlezi sizibandakanya kuzo.
“Ngijabulile kodwa ngokubona nentsha nabantu abadala bephuma ngobuningi babo kulo mcimbi obuhlanganiswe izinsizwa zaseNtshongweni,” kusho uNkosinathi Vilakazi (42) omunye wabantu abakade bekulo mcimbi bedlala umdlalo wenduku.