AbaculiEzintsha

Injabulo kumaRed Nation uMthandeni eqokelwa indondo

Bajabule abalandeli bomculi kamaskandi uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele eqokwa ohlwini lomculi ozohlomula indondo kumaSATMA, kwiMotsepe Foundation Record of the Year.

Igcokama Elisha liqokwe ngengoma yalo ayishaya nentokazi yakwiNkabi Nation, uLwah Ndlunkulu ethi Paris

Lo mculi ungowokuqala kaMaskandi ukuqokelwa le ndondo.  Le ngoma kaMthandeni yakwi-albhamu yangonyaka owedlule yenza kahle ezitolo zomculo.

Lokhu kwenze abalandeli babona bekufanele iqokwe kulolu hlu kule miklomelo.

“Nakho-ke bhuti ekade sikulindile. Besingeke sivote ungakasho, sesokwenze njalo futhi sizobuya nayo le, ngodli!!. 

“Sodlula bebhejile os’bhinca makhasana,” kusho UMntwana uPremium kuFacebook.

Lengoma inama views angaphezu kwezigidi ezingamashumi amabili (22 million) kuYoutube kanti kuSpotify inayizigidi eziyishumi nanhlanu.

Abanye abaculi abasendimeni kaMaskandi nabo babona ibifanele ukuqokwa ingoma yeGcokama Elisha. 

“Contratulations  Mthandeni Manqele, bekufanele ingene lengoma,” kubhala uGatsheni ongumculi kaMaskandi.

Ezinye izingoma ezisohlwini lokuhlungela lendondo, uMbayimbayi oshawa Izinkabi Zezwe uBig Zulu noSjava nePlan kaDlala Thukzin nezinye.

UMthandeni ubhale ekhasini lakhe kaFacebook wathi “Team Maskandi emlandweni wase-Africa”

Ukuvotela uMthandeni uthumela iSMS ebhalw ‘RY10’ ku: 33485