AbaculiEzintsha

UGatsheni nohlelo lokuxhasa umphakathi ngomcimbi wakhe

Umculi kamaskandi owaziwa ngelikaGatsheni emculweni uhlose ukusiza umphakathi nezikole zangakubo ngemali azoyithola emcimbini wakhe iGatsheni Music Festival. 

Lo mcimbi uyobe ungoMgqibelo mhla ka-5 kuMfumfu 2024 eNcotshane Sports Grounds, oPhongolo.

Lo mculi owaduma kakhulu ngengoma yakhe ethi Ithawula lamabhinca neyakamuva ethi Hit after Hit uzobe enza lo mcimbi okwesibili njengoba waqala ukuba khona ngonyaka owedlule.

UGatsheni usewine izindondo eziningi emculweni. Indondo enkulu ayinqoba yilapho ahlula umculi we-AfroPop walapha eNingizimu Afrika uTyla owaziwa naphesheya kwezilwandle.

EyakoGatsheni yakhala yemuka nendondo yomculi osafufusa wamasiko namaciko (Best Newcomer Award at Cultural and Creative Industry Award)

Lesi sihlabani sithi sicela abantu baphume ngobuningi bezoseka lo mcimbi. 

“Uma weseka lo mcimbi, weseka iFoundation esizosebenza ngayo iminyaka ukusuka manje kuya phambili okuyi Gatsheni Foundation,” kuchaza uGatsheni.

“Akuhlomuli mina ngedwa. Ngo-R100 wakho ngizokwazi ukusiza izikole sisize lapho nalaphaya.”

Uthe inhloso-ngqangi yalo mcimbi wukulekelela umphakathi oselwe lapha angasiza khona.

“Isimo sempilo asisihle kwabanye abantu, ngakho-ke ngale mali ozosixhasa ngayo ingxenye yayo sizovakashela izikole nomphakathi.”

UGatsheni uthe isinqubulo salonyaka sithi, ‘NGIVUMELE NGIBONGE’

Amathikithi alo mcimbi ayatholakala eTicketpro, eShoprite, eSpar nakwa-OK kanti abiza ukusuka ku-R100 kuya ku-R500.