Kozamazama umhlaba zikhiphana inkani ngesginci
Sakhile Khawula
Kuyobe kuhlangene ingwe nengonyama kubadlali besiginci abaqhathwe koweMpucuzeko ngoMgqibelo ePeople’s Park, eThekwini.
Lamaciko aqhathelwe ukudlala bukhoma isiginci oMuntuyenziwa Khanyile waseNkandla oqhathwe noMbuzeni Mkhize waseMkhomazi, eSouth Coast.
UMuntuyenziwa ungumshayi wesiginci ophinde abe umculi, wazakhela igama kakhulu ngenkathi edlalela uKhuzani “Ndlamlenze” Mpungose isiginci kwi-albhamu yakhe eyayithi Inyoni Yomthakathi.
UMuntuyenziwa uthi akesabile yena futhi oyomelana naye ngesiginci akakozalwa.
“Anginawo amaningi okuningi kuyocaca ngosuku lwesigameko,” kuchaza uMuntuyenziwa.
UMbuzeni yena ungundaba mlonyeni muva nje ngokudlalela uMthandeni “Igcokama elisha” isiginci engomeni yakhe ayenza noLwah Ndlunkulu ethi Paris.
UMbuzeni uthe uzodlala izingoma azethembile zonke abantu bazizwele.
“Abantu bazoke bezwe ukushawa kwesiginci bukhoma. Ngicabanga ukuthi le nsizwa esiqhathwe nayo kade yayingifuna, ngakho isingitholile ke,” kuchaza uMbuzeni.
Amanye amaciko aqhathiwe uThwasa Lekhansela, ophuma oSouth Coast noScebi “Inkosi Yamagcokama” Dlamini waseMsinga.
IThwasa Lekhansela lidume kakhulu ngengoma yalo ethi Impi, kanti Inkosi Yamagcokama yona idume kakhulu ngengoma yalo esadla ubhedu ezinkundleni zokuxhumana ethi National Anthem.
FUNDA NALA: UGatsheni nohlelo lokuxhasa umphakathi ngomcimbi wakhe
Amathikithi alo mcombi ayatholakala eTicketpro naseSpar ngo-R100.