AbaculiEzintsha

UMzukulu useluqinisekisile usuku lomcimbi wakhe

Umculi kamaskandi uMzukulu useluqinisekisile usuku lweMzukulu Home Coming Festival oyobe ungoMgqibelo mhla ka-5 kuMfumfu 2024. 

Kuzobe kungokokuqala lo mcimbi uba khona. 

Lo mculi unengoma ethi Likhuluphele Ijuba esadla ubhedu ezinkundleni zokuxhumana nasezitolo zomculo. 

Le ngoma yakhe isibukwe abantu abangaphezu kwesigidi (1-million) kuYoutube. 

Uthe bekuloku kuyiphupho lakhe ukwenza umcimbi ofana nalo ngakubo.

“Ngibone kuwumqondo omuhle ukuthi ngilifeze leli phupho labathandi bomculo wami nasemphakathini wasoLundi,” kuchaza uMzukulu.

Lo mculi kaMaskandi uthe uyethemba ukuthi abantu bazokujabulela ukuthi ekugcineni useze wasifeza isifiso sabo.

UMzukulu useqinisekise abaculi ababili abazobe besohlwini lwabaculi abazonandisa emcimbini. 

Kulaba baculi kukhona uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele odume ngengoma yakhe ethi Paris ayicula noLwah Ndlunkulu eyenza kahle kakhulu kuYoutube, Spotify nakwezinye izitolo zomculo. 

Lo mculi uthole i-double platium ngayo lengoma njengoba inama views angaphezu kwangu-20-million kuYoutube.

Omunye wamaciko asohlwini lwazobe ekhona emcimbini uLwah Ndlunkulu naye okwingoma iParis ehamba noMthandeni. 

ULwah ungomunye wamabaculi abahlomule ngendondo kwiBasadi Music Awards njenge-Artist of the Year muva nje.

UMzukulu uthe abantu abaphume ngobuningi babo beze oLundi. 

“Engingakusho nje ukuthi uma ungekho Olundi ngomhla ka-5 kuMfumfu, uyobe uphuthelwe.

“Mphakathi wasoLundi namaphethelo sondelani nansi into yenu eyenzelwe nina.”

Amathikithi azotholakala eTicketpro naseSpar.