Akawuvali umlomo uMayoghurt ngokufakwa kwiMpiucuzeko
Sakhile Khawula
Balubheke ngabomvu usuku lwempucuzeko abathandi bomculo kamaskandi nabalandeli ngokufanayo.
Lo mcimbi uzobe ungoMgqibelo mhla ka-17 kuNcwaba ka-2024 ePeople’s Park ngase Moses Mabhida Stadium, eThekwini.
Impucuzeko Maskandi Festival, eyenzeka minyaka yonke, kulo nyaka izobe igubha iminyaka engu-11 yaqala.
Abahleli balo mcimbi bathi ziklame ziklamile manje njengoba sekusele izinsuku ezinhlanu kufike usuku olukhulu.
UKhathide “Tshathugodo” Ngobe, owumsakazi woKhozi aphinde abe yingxenye yabahleli balo mcimbi, uthe zonke izinto sezimi ngomumo.
“Kunjalo bafowethu, mhla ka-17 izinhlelo ziyaqhubeka, zihamba kahle, konke kuhle,” kuchaza uNgobe.
UXolani Mcineka ongumhleli walo mcimbi uthe IMpucuzeko Maskandi Festival yilona themba kubalandeli nakubaculi abaningi, ikakhulukazi kuba baculi abasafuna ukuzibonakalisa.
“Lo mcimbi ushintsha izimpilo zabaculi abaningi futhi ubasize ukubabeka ebalazweni, nabo baziwe emculweni.
“Abantu bayawuthanda lo mcimbi… Lokho kwenza ngibe nentshisekelo yokuwenza lo mcimbi ube yimpumelelo njalo.
“Kumanje sinabaculi abangu-2 378 abasafufusa abafisa ukuba yingxenye yalo mcimbi.
“Lokhu kukhombisa uthando abaculi abanalo ngalo mcimbi,” kuchaza uMcineka.
UMayoghurt odume kakhulu ngelika-Bliss ofakwe okokuqala ohlwini lwabaculi abazonandisa emcimbini uthi uyajabula ukuthola ithuba eliyingqayizivele kanje.
Uthi uyabonga kakhulu kubahleli bomcimbi ngokumenza ingxenye yomcimbi omkhulu kangaka.
“Ngiyabonga kakhulu kuMcineka ngokungifaka emcimbini.
“Kuyona le nyanga kaNcwaba eThekwini kwiMpucuzeko ngizobe ngikhona ngizojabulisa abantu,” kusho uMayoghurt.
Kulo mcimbi kuyobe kukhona abaculi abaningi okungoKhuzani, uBahubhe, uSmirnoff Inkosi yaMagcokama, iThwasa leKhansela nabanye abaningi.
OLUNYE UDABA: Uveza okumenza adube iTheku uMthandeni Manqele
Amathikithi alomcimbi ayatholakala eTicketpro naseSpar. Amathikithi aqala ku-R100 aze afike ku-R20 000.