AbaculiEzintsha

Uvuselelwe ukuthrenda kwiTik-Tok okaMaskandi

UVukani Ngcobo, odume ngelikaMan V, useqinisekisa abalandeli bakhe ukuthi akawuyekile umculo njengoba iningi bese licabanga kanjalo.

Uthi ubesabhekene nezinkinga angeke ekwazi ukuzidalula esidlangalaleli okwamanje. 

Lokhu kuvele ngesikhathi ephendula abalandeli bakhe abebemfuna umculo omusha ekhasini lakhe kuFacebook. 

“Kusuke kwaba nezinkinga eziningi kule minyaka esibuya kuyona. Inkunzi ibingagoqile bekuyizinkinga zomhlaba nje,” kuchaza uMan V. 

Uphinde wathembisa ukuthi kukhona umculo aphezu kwawo futhi usezinhlelweni zokuthi utholalakale kuzo izindawo ezidayisa umculo. 

Ukuveze lokhu kulandela isikhalo sabalandeli ngokuthi abakwazi ukulalela izingoma zakhe kuSpotify. 

“Ngingathembisa ukuthi umsebenzi ozayo izingoma zami zizotholakala ngendlela ephelele nangendlela ehlelekile.

“Zizotholakala kuzo zonke izindawo zomculo,” kuchaza le nsizwa yakoMapholoba. 

UNgcobo uphinde watusa iTikTok empumelelweni yakhe emculweni kaMaskandi.

Uveze ukuthi ingoma yakhe ethi Imali igcine seyingezinye okwenziwa ngazo amavidiyo ahlukene kule nkundla. 

“Ngemuva kokuthi ingoma yami ivele koTikTok, kunginike kakhulu amandla okuba ngaziwe njengoMan V. 

“Abantu abaningi bebengamazi uMan V, kodwa emveni kokuba ingoma yami ithrendile, sebebaningi abantu engikwaze ukuxhumana nabo. 

“Nekhasi lami ligcina selikwazi nokukhula, kuningi engingakuchaza kodwa iTikTok idlale indima enkulu ukuthi abantu bekwazi ukungazi njengoMan V.

“Mina ngingumfana omncane osafika endimeni,” kuchaza yena. 

Uthi kuyamjabulisa ukubona umculo wakhe uhamba ngendlela enhle nokuthi usuyadlalwa nasemsakazweni. 

Uchaze wathi kusekuningi okuzayo abalandeli bakhe usazobajabulisa njengoba ebheke ukukhula kakhulu manje kulo mculo.